Kukhona la umuthi usebenza khona - Marikana

2013-01-30 16:48

Johannesburg - UMuthi uyasiza ekuvikeni izinto ezifana notikoloshe nezinye izinto, kusho isikhulu senyunyana iNational Union of Mineworkers, sethula ubufakazi ngaphambi kweKhomsihana kaFarlam, ehleli eRustenburg.

U-Ishmael Semenya, omele amaphoyisa, ubuze isisebenzi saseLonmin, esiyilungu leNUM, uSaziso Gegeleza, ngolwazi lwakhe ngomuthi.

"Anginalo ulwazo olutheni," ephendula efaka nokuthi umuthi awaziyo ngowokuheha abesifazane kuphela.

Abantu abaningi abashona esibhicongweni saseMarikana, babenezingcabo ezimanzi, kukhombisa ukuthi bebesanda kugqiha.

"Engikwaziyo wukuthi umuthi uyakusiza uma uhlaselwe wutikoloshe neminoya emimbi,” kuchaza uGegeleza.

Ikhomishana izama ukuthola kabanzi ngokwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi abangu-34 abadutshulwa ngamaphoysa besesitelekeni kule mayini.

Isiteleka sagcina ngokuthi kushone abantu abangu-44.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


 

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...