Kujutshwe amaphoyisa ngemashi yama-etolls
2012-12-06 07:28
Johannesburg - Ungafunga ukuthi amabutho eya empini njengoba amaphoyisa ekhishwe ngobuningi bawo eKatlehong, eKurhuleni, empumalanga neGoli, ngaphambi kombhikisho wokubambezela emigwaqeni omelene ne-etolling.
Abalelwa okungenani ku-12 amaveni amaphoyisa akuMasakhane
Street nalapho kuhlelwe khona ukuthi kuzoqala umbhikisho weCongress of SA Trade Unions (Cosatu).
EBraamfontein, kuqalile ukubuthana kwabantu, amaphoyisa kanye nabezindaba.
Kunamaveni amaphoyisa atshalwe eCosatu House kuJorissen Street.
Le mashi kulindeleke ukuthi iqale ngabo-08:00.
Kuzophazamiseka le migwaqo: N1, M2, M1, N3, N12, R24, no-R21.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA