Kuhlongozwa okunye ukunyuka kukaphethiloli
2012-09-17 14:01
Johannesburg - Izibalo zakamuva zeCentral Energy Fund zikhombisa ukuthi uphethiloli ungase unyuke ngo-37c ilitha ngayinye, udizili wona unyuke ngo-49c ilitha ngenyanga ezayo, kubika iSowetan.
Ngaphandle uma irandi lidlondlobala uma liqhathaniswa ne-dollar, noma amanani kawoyela ongahluziwe ehla, uma uphethiloli unyuka uzobiza imali ongakaze ubize yona ngaphambilini bese ulimaza abantu, ikakhulukazi abagibeli.
Uphethiloli unyuke ngo-83c ilitha emasontweni amabili edlule.
Akubona nje kuphela abagibeli lokhu okuzwela kakhulu kubona. Nabantu nje bonkana abangabathengi kuzozwela kubona ngoba izimpahla nazo zizonyuka.
Ukunyuka kwamanani okudla kwaba ngu-5.3% ezibalweni zangoJulayi, kodwa uma abakwa-Stats SA sebekhipha izibalo zabo zika-Agasti ngoLwesithathu zizobe sezicacisa kahle ngoba zizobe sezihlanganisa nokunyuka kukaphethiloli okwenzeke ngaleyo nyanga.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- News24