Kuhlongozwa ikhomishana ezobhekela abasemapulazini

2012-11-13 10:01

Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo uTina Joemat-Pettersson uzocela uMnyango wezabaSebenzi ukuthi ubuyekeze amaholo abantu abasebenza imisebenzi yasemapulazini, kusho umbiko ngoLwesibili.

Umkhulumeli kangqongqoshe uPalesa Mokomele, utshele izindaba zeCape Times wathi ungqongqoshe uJoemat-Pettersson uzokhuluma noNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi uMildred Oliphant, amcele kusungulwe ikhomishana ezobheka ngezimo abasebenzi basemapulazini abasebenza ngaphansi kwazo.

Abasebenzi basepulazini elitshala amagilebhisi eHex River Valley, eWestern Cape, bangene embhikishweni osudonse isonto lonke, laba bafuna ukwenyuselwa amaholo asuke ku-R69 ngosuku, afinyelele ku-R150 ngosuku.

Umhlangano obanjwe yiminyango kahulumeni eyehlukene, ngoMsombuluko ePitoli, uhlulekile ukuqhamuka nesisombululo kanti umbhikisho wabahlali ugcine ngokuthi kuboshwe abantu abayishumi nambili.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...