Kugqugquzelwe isiteleka samapulazi
2013-01-21 10:03
Cape Town - Abasebenzi basemapulazini kubikwa ukuthi bagqugquzelwe ukuthi baqhubeke nesiteleka kuze kube kuhlangatshezwana nezimfuno zabo zokunyuselwa amaholo.
IBuilding and Allied Workers Union of SA (Bawusa) itshele abasebenzi ngeSonto ukuthi ukubuyela kwabo emsebenzini kungase kwenze abaqashi ukuthi bangabaniki u-R150 ngosuku lo abawufunayo, kubika iCape Times.
"Sinxusa bonke abasebenzi basemapulazini ukuthi bangaphindeli emsebenzini. Kuncono sihlupheke izinsukwana ezimbalwa kunokuthi sihlupheke impilo yethu yonke," kusho uNobhala Jikelele weBawusa uNosey Pieterse e-Avian Park, ngaseWorcester.
"Sizoyinqoba maduze le mpi, kepha sicela wonke umuntu ukuba asilekelele ngoba sonke sizohlomula ekugcineni."
UPieterse uthi abalimi baya ezindaweni ezisemaphandleni manje ukuyofuna abasebenzi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA