Kufuneka siyisize i-Europe – Gordhan
2011-09-28 16:25
Washington – Wonke amazwe asemhlabeni kuzofuneka enze akwaziyo ukusiza i-Eurozone enezinkinga zemali, kusho uNgqongqoshe Wezemali wakuleli ngoLwesithathu.
“Sibone ukuthi kuzofuneka sisebenzisane ngoba sisenkingeni sonke… nama-Bric (iBrazil, iRussia, iNdiya, iChina neNingizimu Afrika) sisenkingeni,” ushilo.
UGordhan ebekhuluma nezintatheli zakuleli emhlanganweni obebanjwe e-Washington DC.
Lo mhlangano ububanjelwe emahovisini we-International Monetary Fund (IMF) ngesikhathi kuhlangana iWorld Bank Group ne-IMF.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA