Kudingeka uxhaso lwengqalasizinda - Gigaba

2012-05-24 14:02

Johannesburg - INingizimu Afrika idinga izindlela ezintsha zokugqugquzela izinkampani ezizimele ekutheni zibe yinghxenye yokudalwa kwezingqalasizinda, kusho uNgqongqoshe woMnyango weziNkampani zoMphakathi uMalusi Gigaba.

Uhulumeni usebeke eceleni imali engu-R3.2 trillion kuze kuzodalwa izingqalasizinda ezingu-17 kulo lonke izwe.

"Uhulumeni usehlonze izindlela ezingasetshenziswa kuze kuzotholakala uxhaso lwezingqalasizinda, ezinye zezindlela zihlanganisa ukubambisana nezinkampani ezizimele kanjalo nokubandakanya kakhulu imiphakathi," kusho uGigaba.

Ungqongqoshe ubuye waveza nokuthi ngenyanga kaJulayi uMengameli uJacob Zuma uzobamba ingqugquthela ekuhloswe ngayo ukubeka obala imizamo kahulumeni ekulungiseni izingqalasizinda.

Ukushoda kwengqalasizinda kuthiwa yiyona nkinga enkulu amazwe ase-Afrika abhekene nayo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...