Kubuyiselwa emuva ama-BMW-X5

2012-12-07 12:01

Michigan - AbakwaBMW South Africa bathi akubuyiselwe emuva izimoto ezingu-5 000, azingama-X5, kulandela ukuvela kwezindaba ezithi kukhona okonakele kuzo.

Umbiko uthi izimoto zalolu hlobo, emhlabeni wonke zinenkinga yamabhawodi, kanti lokhu kungase kuphazamise isitelingi.

"Ngingaqinisekisa ukuthi abakwa-BMW South Africa nabo banazo lezi zimoto ezinenkinga," kusho umkhulumeli wenkampani.

"Izimoto ekumele zibuyiselwe emuva zihlanganisa i-BMW X5 xDrive35d, ezakhiwa phakathi kukaJune 2006 no Novemba 2012, kube ngama-BMW X6 xDrive35d, akhiwa phakathi kukaJulayi 2007 noMashi 2010.

"Sezizonke izimoto ezibuyiselwa emuva zingu-240 000, zibe ngu-5 034 eNingizimu Afrika."

Kuthiwa inkinga ekhona ingase idale izingozi, nokho okwamanje akukho ngozi esike yabikwa.

AbakwaUS National Highway Traffic Safety Administration bathi amabhawodi kungenzeka axege noma aphuke, uma lokhu kwenzeka, kungaphazamiseka isitelingi semoto.

Amakhasimende aseNingizumu Afria aseqalile ukwamukela izingcingo, etshelwa ukuthi awabuyisele emuva izimoto kuze zizolungiswa.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...