Kuboshwe abebebhikisha eMedupi
2013-02-15 14:01
Johannesburg - Kuboshwe abasebenzi abangu-46 esizindeni sokuphehla ugesi eMedupi, eLephalale kulandela umbhikisho obuphelezelwa wudlame, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesihlanu.
UBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe abasebenzi abebebhikisha bashise imoto yakwa-Eskom bacekela phansi nezimoto zamaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho ngoLwesine ebusuku.
Bazovela enkantolo kungekudala ngamacala okudala uthuthuva emphakathini nokucekela phansi impahla.
Ngenyanga eyedlule, u-Eskom wayivala okwesikhashana le ndawo ngesikhathi abasebenzi abayitoho bengena esitelekeni.
Ukwakhiwa kwalesi sizinda sikagesi ophehlwa ngamalahle, kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngo-2015, njengoba sekuphinde kwaphazanyiswa yiziteleka.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA