Kubi kakhulu ngomnotho wezwe
2012-07-24 16:51
Johannesburg - INingizimu Afrika kumele ilwisane nokungalingani kwabantu ngokuthi isungule amathuba omsebenzi kuliwe nokungasebenzi kwabantu, kusho iBhange loMhlaba.
INingizimu Afrika ingelinye lamazwe anokungalingani okukhulu emhlabeni, kusho umbiko okhishwe yibhange, oqhubeka uthi abantu abayisilinganiso esingu-10% babhekele u-58% womnotho wezwe.
"Kuze kuzolungiswa kahle udaba lokungalingani kwabantu, kuphoqelekile ukuthi izwe lidale amathuba omsebenzi.”
Lo mbiko owethusayo uthe kumele izwe libhekane ngqo nokuthuthukisa abantu abasha kanjalo nezingane, kuthiwa izingane kumele zonke zilinganiswe, kungabhekwa ukuthi ziphuma emakhaya anjani futhi zingezaliphi ibala.
Imfundo, ezempilo, izingqalasizinda ezifaka amanzi, wugesi, ukuthuthwa kwendle kanjalo nemfundo eyisisekelo, yikho ekuthiwa kumele kulungiswe kuqala kunakho konke kuze kuzophumelela izwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).