Kubhikishwe ngaphandle kweNersa eThekwini
2013-01-17 12:02
Durban - Abantu ababalelwa kwabangaphezu kwekhulu bayigxobe kancane lapho bekubanjelwe khona isithangami sokulalelwa kwezimvo zabantu yiNational Energy Regulator of South Africa, mayelana nokuthi u-Eskom ufunekunyuswe amanani kagesi ngo-16% eThekwini ngoLwesine.
Lesi sixuku seWentworth Development Forum besiphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi "akumiswe u-Eskom ekunyuseni amanani kagesi".
Ezinye bezithi: "kujeziswa abampofu ngokuhluleka ukuhlela izinto kuka-Eskom" nezithi "kungani uhulumeni engaphefumuli ngalokhu?"
UJoseph Harker, ohlala eWentworth, uthe uhola impesheni kodwa kudingeka ukuthi akhokhe u-R800 kagesi njalo ngenyanga.
UHarker uthe impela kuzoba nzima ukukhokhela ugesi uma kungukuthi uyaqhubeka nokunyuka ngo-16% kule minyaka emihlanu ezayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA