Izoqala eyokulalelwa kweyama-etolls
2012-11-14 08:04
Johannesburg - Kuzoqala ukulalelwa kwezimvo zomphakathi ngodaba lokukhokhelwa kokusetshenziswa kwemigwaqo emikhulu eGauteng, ama-etolls, ePitoli ngoLwesithathu.
Lolu hlelo lwenzelwe ukuthi zonke izinhlaka ezithintekayo zithole ithuba lokuzwakalisa izimvo zazo nohulumeni ngalolu daba.
Ngo-Okthoba, uMnyango wezokuThutha wayalela iSouth African National Roads Agency Limited
(Sanral) ukuba imise zonke izinhlelo ezihlobene nama-etolls emigwaqeni emikhulu kuleli.
Le migwaqo ihlanganisa iGauteng Freeway Improvement Plan, iCape Winelands neWild Coast.
“Kubalulekile ukubona ukuthi kunokuhluka kwemibono phakathi kukaPhase One noTwo," kusho okhulumela uMnyango uTiyane Rikhotso.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter