Izobuyela emoyeni i-1time

2012-11-09 14:04

Johannesburg - Ukumiswa kwezindiza zenkampani yakwa-1time kubukeka kuzokuba yinto nje yesikhashana njengoba abaphathi benkampani sebefake isicelo sokuthi banikwe imvume yokusebenza ngaphansi kwabakwa-Air Services Licensing Council (ASLC).

Umbiko wabakwaMoneyweb uthi izikhulu ezihlanganisa uRodney James, nowabe eyisikhulu esiphezulu kwa-1time Airlines Pty Ltd, zibhalele uMnyango wezokuThutha zazisa ngalesi sicelo.

Isicelo safakwa ngaphansi kwenkampani iCobolar Pty Ltd, mhla zinhlanu ku-Okthoba kanti kuqedwe ukuhlanganisa amakhanda ngaso mhla ziyisikhombisa kuNovemba.

Imibiko ithi uma uphinda uqala umsebenzi, kuzobe sekusetshenziswa igama elisha, abakwa-Acsa baqhubekile nokuphikisa imibiko ethi banomthelela ekuweni kwenkampani i-1time.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 17-30°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 20-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...