Iziteleka zingase zikhubaze umnotho - Gordhan

2012-09-14 15:21

Johannesburg - Izinxushunxushu ezikhona njengamanje embonini yabasebenzi ikakhulukazi ezimayini ziwudonsela phansi umnotho wakuleli, kusho uNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan ngoLwesihlanu.

"Lokhu kwenza leli libukeleke phansi kubatshalizimali, kwehlise nokuthembeka kulabo abathanda ukwenza ibhizinisi nezwe," etshela izintatheli esithangamini sabezindaba ePitoli.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezobuNhloli uSiyabonga Cwele uthe ngeke lusabekezelelwa udlame nokuteleka ngokungemthetho.

"Ngeke zibekezelelwe izigameko zokuphehla udlame emphakathini," kusho uCwele.

Lesi sithangami kuhloswe ngaso ukudingida iziteleka ezibonakale kuleli kula masonto edlule embonini yezimayini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...