Iyahluka imibono ngokutakulwa kwelaseSwazini

2011-08-04 11:55

Johannesburg - Iqembu i-Azanian Poeple's Organisation (Azapo) lisamukele isenzo sezwe lakuleli sokuboleka elaseSwazini imali engango-R2.4bn, njengoba iYoung Communist League (YCL) nePopcru besihlabile isinqumo seBhange loMbuso.

"I-Azapo icela ukuthi uhulumeni wakuleli asungule ithimba elizokwakhiwa yinxusa laseSwazini elikuleli, nelakuleli eliseSwazini ukuze kuqinisekiswe ukuthi imibandlela ehambisana nale mali iyalandelwa futhi iyahlonishwa," kusho okhulumela i-Azapo uGaontebale Nodoba esitatimendeni.

Kodwa iYCL ithe "ikhubazeke kakhulu emoyeni" ngokubolekwa imali kwaleliya lizwe.

"Isimo leliya lizwe elikuso njengamanje sitshengisa ukuthi inkinga isekulawulweni kwezwe," kusho okhulumela iYCL uMafika Mndebele esitatimendeni.

Inyunyana iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithe uhulumeni waseSwazini awudingi ukutakulwa kulolu bishi okulo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Rain late. Partly cloudy. Mild.
Jhb: 7-20°C Showery. More sun than clouds. Mild. Bloem: 0-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...