Isithwathwa sikhubaze amabhizinisi

2011-07-29 11:21

Durban - Ukuvalwa kwemigwaqo KwaZulu-Natal kuleli sonto ngenxa yokuwa kweqhwa kuhlawumbiselwa ukuthi kulahlekelise izinkampani zokuthutha namanye amabhizinisi ngo-R400m, kubika i-East Coast Radio.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana eKZN uNomusa Dube wenze lesi simemezelo ngoLwesine ngesikhathi ehambele izindawo ezikhahlanyezwe isimo sezulu ebesingesihle kuleli sonto.

Izikhulu zezemigwaqo zithi zihlawumbiselwa ku-R10m izimpahla ezidlula kuN3 njalo ngehora.

Bathi abengu-150 ikhilomitha nekhilomitha amaloli ngesikhathi kuvulwa uN3 ngoLwesithathu ebusuku.

UDube uthe zingu-20 izindlu ezicekeleke phansi kwathi ezingu-144 zathola ukuthinteka esiFundeni iLembe oGwini oluseNyakatho.

Uthe kuzojutshwa ithimba elizobhekelela izidingo zemiphakathi ethintekile.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-17°C Light rain. More clouds than sun. Mild. Pta: 9-23°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-19°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...