Isiteleka angeke siziphazamise izindiza - SAA

2013-01-18 10:02

Johannesburg - AbakwaSouth African Airways (SAA) sebeqinisekise ukuthi angeke kube khona ukuphazamiseka kwamabhanoyi njengoba basebenzi behlela isiteleka, kusho umbiko wenkampani.

Kulindeleke ukuthi abakwaNational Transport Movement (NTM), bangene esitelekeni ngoLwesihlanu, nokho okhulumela uSAA uTlali Tlali uthi angeke kuphazamiseke ukuhamba kwezindiza.

Abe-NTM bakhala ngokuthi uSAA awufuni ukugunyaza lesi siiteleka, yize noma bengu-1 300 abazokuba yingxenye yaso.

UNobhala wenyunyana uCraig Nte, utshele iphephandaba iBusiness Day wathi ikomidi lenkampani kanjalo nezikhulu zebhodi, bahlukene phakathi ekutheni bavume le nyunyana njengenyunyana esebenzayo.

UTlali uziphikile izinsolo ezithi uSAA awuyazisi le nyunyana.

"I-NTM imatasa ifafaza ukuthi inamalungu angu-1 300. Kunezinto ezingacaci kahle, njengokuthi la malungu enza miphi imisebenzi, kuningi okungakahlangani ngayo."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...