Isiqalile imashi yama-etolls eGoli

2013-02-11 12:01

Johannesburg - Abashayeli bezimoto baseGauteng bangalindela isiminyaminya njengoba iCosatu isiqale imashi ezwakalisa ukuthukuthela ngama-etolls.

Amakhulu abantu kulindeleke ukuba babe yingxenye yombhikisho, lapho kuzobonakala khona izimoto zishaya ngolonwabu emigwaqeni eyahlukene, u-N14, R21 naku-N1.

Ukuhamba kancane kwezimoto kuqale ngo-07:30 kanti kuqale esikhumulweni samabhasi akwaPutco eMarabastad, kwaqhubeka ngogwaqo uStruben, Sisulu kanye noFrancis Baard.

Ngokusho kweCosatu, imoto ezobe ihola lo mbhikisho izohamba kuFrancis Baard street iye ku-N4, iyongena ku-N1 iqhubeke njalo ngawo u-N1 ibheke eGoli.

Imoto leyo izobuyela ku-R21 isilibhekise ePitoli, okuyilapho izohamba khona njalo ilibhekise eFountains Circle, iye kuNelson Mandela Drive nakuLilian Ngoyi Street, ngasenyakatho.

Izobe isijika ngakwesobunxele kuJohannes Ramokhoase Street ibuyele esikhumulweni samabhasi akwaPutco eMarabastad.

Abashayeli bayacelwa ukuba bayigweme le migwaqo uma kungenzeka.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...