Isiphakamiso esisha kwabe-Amplats
2012-11-14 12:02
Johannesburg - I-Anglo Platinum [JSE:AMS] (Amplats) isibekele abasebenzi abatelekile okusha etafuleni, kusho umholi wabasebenzi ngoLwesithathu, ngemuva kwezinyanga ezimbili kudlalwa umacashelana nosekudle inkampani imali elinganiselwa ku-R2.2bn.
I-Amplats, engaphansi kwenkampani enkulukazi yezimayini emhlabeni, i-Anglo American [JSE:AGL], inikeze abasebenzi bayo kuze kube namhlanje ukuba babuyele emsebenzini noma kungenjalo baxoshwe.
"Izolo sibenomhlangano nabaphathi kanti namhlanje siyokwazisa abasebenzi ukuthi zihambe kanjani izingxoxo. Kukhona okusha osekubekwe etafuleni," kusho u-Evans Ramokga, ohola abasebenzi e-Amplats, etshela abe-Reuters.
Akadalulanga iminininingwane ngokusha okubekwe etafuleni, uthe kumele kukhulunywe nabasebenzi kuqala.
Abasenzi abatelekile bakunqaba ngaphambilini okwakubekwe ngumqashi etafuleni okwakuhlanganisa nemali engu-R4 500 ababezoyithola kanye, kanye nesethembiso sokuba izingxoxo zamaholo zizoqala uma sekuzophela isivemelwano samaholo esikhona njengamanje, ngonyaka ezayo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24