Inyunyana i-CWU ikhala ngoMadonsela
2013-01-10 15:01
Johannesburg - IHhovisi loMvikeli woMphakathi namanje belingakaluphothuli uphenyo oluthi abakwaSA Post Office banokungahamnisi ngendlela izinto, kusho isikhalazo esafakwe ngabakwaCommunication Workers' Union (CWU) .
Okhulumela i-CWU uMatankana Mothapo, uthi namanje basalinde impendulo evela kuMvikeli woMphakathi, uthi uphenyo selokhu lwaqalwa ngo-Ephreli ngo-2011.
Inyunyana isigxeke ihhovisi likaThuli Madonsela, yathi liyadembesela.
"Ukwenza koMvikeli woMphakathi kuyayidumaza inyunyana i-CWU, nabantu bonke abalindele ukuzwa izimpendulo ngePost Office ,” kusho uMothapo.
NgoJulayi ka-2012, uMadonsela wamemezela ukuthi usezoluphothula uphenyo lwakhe bese ekhipha umbiko ngoSeptemba.
Umkhulumeli kaMadonsela, u-Oupa Segalwe uthi kunezintwana ezincane ezibambezele, uthi seluphothuliwe uphenyo kanti kungekudala kuzokhishwa umbiko.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).