Inobudedengu i-Amplats - Shabangu
2013-01-16 10:01
Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeziMayini uSusan Shabangu, usegxeke isikhulu senkampani i-Anglo American
Platinum, uChris Griffiths, kulandela imibiko ethi inkampani izodiliza abasebenzi abalinganiselwa ku-14 000.
"Lalela la, ubudedengu bukaChris. Esitatimendeni sakhe wathi uzokhuluma ngezithinta umsebenzi. Angeke akhulume kanjani nathi singuhulumeni, uwushiya kanjani ngaphandle uhulumeni? Kunemigomo ekumele siyilandele," kusho uShabangu ekhuluma emsakazweni iSAfm.
Ungqongqoshe uthe bekumele inkampani i-Amplats ibe nokuxhumana okuningi nohulumeni, wathi baphule umthetho ngaphansi kweMineral and Petroleum
Resources Development Act.
Ebuzwa ukuthi kungenza yini ibe sengcupheni imvume yemayini yokusebenza, uShabangu uphendule wathi: "Yibona ababeka imvume engcupheni...akuthina, yibo uqobo."
Umsakazo uphinde wakhuluma noGriffiths, othe kubalulekile ukuthi abuyele emuva ayokhuluma nongqongqoshe.
"Ngiyamuzwa uthukuthele kakhulu, kuyacaca unokudabuka ngalesi simo. Into engingazimisele ngayo ukuthi kube khona ukuqophisana ngamazwi emsakazweni phakathi kwami nongqongqoshe."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA