Imayini imise ukusebenza eLimpopo
2013-01-22 10:02
Johannesburg - Izikhukhula ebezihlasele eLimpopo ziphoqe imayini yamalahle ukuthi imise ukusebenza ngenxa yomonakalo, kusho iCoal of Africa Limited (CoAL) ngoLwesibili.
USihlalo uDavid Brown uthe iCoAL inethemba lokuthi ukusebenza kuzoqala esikhathini esingaphansi kwesonto.
"ICoal of Africa Limited ixwayisa ngokuthi, kulandela izimvula ezinkulu eLimpopo, kuzomiswa ukusebenza emayini yayo iVele Colliery," esho esitatimendeni.
"ICoAL ilindele ukuthi umsebenzi uqale ezinsukwini eziyiskhombisa ukusuka manje, lokho kuncike ekutheni imvula iyehla noma cha.
Kuhlasele izimvula ezinkulu kulesi sifundazwe nezidale umonakalo kwashona abantu ngempelasonto.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA