Ifuna izindodla i-NYDA
2012-05-30 12:02
Cape Town - Imali engaphansi kuka-R400 million ngonyaka ayikho ikhona ezidingweni ezibhekene neNational Youth Development Agency, kusho uSihlalo wayo u-Andile Lungisa, etshela amalungu ePhalamende ngoLwesibili.
ULungisa uthi iNYDA kumele inikezwe imali elinganiselwa ku-R950 million ngonyaka kuze izokwazi ukufeza izidingo.
Utshele ikomidi wathi kumanje babhekene nomsebenzi wokuqoka ibhodi, uthi ukuhlakazwa kweNational Youth Commission noMsobomvu
Youth Fund ngonyaka ka-2009 akuyisizanga iNYDA ngoba ayikho imali engenayo eza kuyo.
"Inhlangano lena ayinikwa imali, imali esiyisebenzisayo yileyo eyabe inikezwe iNational Youth Commission noMsobomvu Youth Fund, " kusho uLungisa.
"Uma uqala isikhungo esifana neNYDA, kumele ukwazi ukusondla ngemali engango-R950 million, ukuze sizokwazi ukusebenza siye phambili. Besilokhu sisebenza ngemali engaphansi kuka-R400 million njalo ngonyaka. Silokhu sikhala kuhulumeni ukuthi asichathazele imali." echaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24