Ibhantshi ligcwale umoya kwisikhulu sakwaPrasa

2015-07-16 17:37

Cape Town – Sikhonjwe indlela isikhulu esiphesuzulu senkampani yezitimela iPassenger Rail Agency of South African (Prasa) uLucky Montana, ngokusho kwesitatimende esikhishwe yibhodi.

Ngokubika kweFinance 24 uMontana ukhonjwe indlela ngoLwesithathu kanti ukuxoshwa kwakhe kuqhamuka ngemuva kokuba iphephandaba elingaphansi kweMedia24 iRapport belibika ngethenda ka-R51billion lezitimela ezintsha ezingahambisani nemigomo yezitimela yakuleli.

Ibhodi lakwaPrasa lithe ngoLwesithathu lithi liqhamuke nesinqumo sokuthi uMontana ngeke esakwazi ukusebenza kule nkampani futhi asisekho nesidingo sokuthi aqedele isikhathi sakhe.

OLUNYE UDABA:Akukacaci ngesidumbu osekuphele 3 weminyaka singahlonzwa

“UMr Montana usuku lwakhe lokugcina kwaPrasa umhlaka 15 kuJulayi 2015,” kusho isitatimende esikhishwe ngoLwesine.

Kuze kube ibhosi lakwaPrasa lithola ozongena esikhaleni sikaMontana lesi sikhundla sizoqhoqhobalwa uNathi Khena obeyiChief Operations Officer.

UKhena uqhoqhobele esinye isikhundla sokuba yibamba leCEO lakwa-Autopax.

Kulindeleke ukuthi uPrasa ubambe ingqungquthela nabezindaba mayelana nokucacisa nemibuzo abangase babe nayo.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...