ITelkom isiqoke amalungu ebhodi amasha

2012-11-15 10:01

Johannesburg - Inkampani yakwaTelkom isiqoke amalungu amabili ebhodi kanye nesigungu esiphezulu enkampanini yayo yamaselula, ngokusho kombiko weBusiness Day ngoLwesine.

Inkampani iqoke uJabulane Mabuza noKholeka Mzondeki beqokelwa ebhodini ngoLwesithathu, yaphinde yaxwayisa ngokwehla kwamasheya ngo-83%.

Amalungu ayisithupha ebhodi, kuhlanganisa nesikhulu esiphezulu uNombulelo Moholi kanye nomqondisi webhodi uNeo Phakama Dongwana, basula ngasekuqaleni kukaNovemba.

Ukukhethwa kukasihlalo kuzoba phakathi kwamalungu ebhodi, ikakhulukazi lawo aqokwe nguhulumeni, kusho umbiko weBusiness Day.

NgoLwesithathu, inkampani ixwayise ngokuthi imali yamasheya ingase yehle ngo-83%. Amasheya abo ehle ngo-10% kusukela kwasula uMoholi.

UNgqongqoshe wezokuXhumana uDina Pule wavotela ukuba kukhishwe amalungu amane ebhodi ngo-Okthoba.

ULazarus Zim wayengusihlalo womhlangani, wasula ngoSepthemba.

UMoholi waziphikisa izinsolo zokuthi uzimisele ngokusula kulandela ukushiya kukaZim.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...