IHarmony ixwayisa ngokudiliza abasebenzi
2013-01-15 10:03
Johannesburg - Imayini engaphansi kweHarmony Gold, iKusasalethu, isenkingeni ngenxa yesiteleka sabasebenzi esasingekho emthethweni ngonyaka ofile, ngokusho kombiko wangoLwesibili.
Abasebenzi bale mayini sebenikwe kuze kube nguMashi 7 ukuthi bulungise lokho abakhala ngakho noma babhekane nokudilizwa emsebenzini, kubika iBusiness Day.
Isikhulu seHarmony uGraham Briggs ukubeke kwacaca ukuthi banezinsuku ezingu-60 nje vo ukuthi basindise le mayini.
Kule ncwadi uveze ukuthi udlame, ukubulala, ukusabisa nokucekela phansi impahla yizona zizathu ezidale ukuthi kumiswe ukusebenza kule mayini engaseCarletonville.
"Ngeke sikwazi ukusebenza kanje," kusho uBriggs.
Umhlangano phakathi kwezinyunyana nabaphathi bemayini kulindeleke ukuba ube ngoLwesine.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA