ICosatu izoqhubeka nokubhikishela ama-etolls

2013-01-28 14:06
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana iCongress of SA Trade Unions eGauteng ngoMsombuluko iveze ukuthi izophinde ivuse ukushisa ibhikishele ukumelana ne-etolling, kusukela ngoFebhuwari.

"ICosatu eGauteng iyakuqonda ukuthi uhulumeni akazimisele ukuqeda ngama-etolls kusukela sabhikisha okokugcina," kusho uNobhala weCosatu esifundazweni uDumisani Dakile etshela izintatheli eGoli.

"Ngakho-ke... umkhankaso wokudala isiminyaminya emigwaqeni emikhulu nemibhikisho kuzoqhubeka," esho.

Umbhikisho lo uzoqala ngoFebhuwari 11.

UDakile uthe le mibhikisho izosatshalaliselwa nakwezinye izifundazwe ukuqinisekisa ukuthi yinto eyenzeka kuzwelonke.

Umbhikisho wesibili uzoba ngoFebhuwari 25, nokungusuku olufanayo nalapho kuzobe kuvulwa isiShayamthetho saseGauteng.

"Abantu abamenyiwe kuthiwa abagqoke othayi namasudi, thina sofika sifake izikibha sibhikishe kanye nabasebenzi, ukuze kuqedwe nya ngalolu hlelo olukhuthuza abashayeli."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...