ICosatu igxeka i-ANC nge-etolling

2012-11-21 10:00

Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, usugxeke iqembu elibusayo i-African National Congress ngokuzama ukubhebhezela uhlelo lwe-etolling, zingakazwakali zonke izimvo zomphakathi, kusho iphephandaba iThe Star.

ICosatu igxeka ukusheshiswa kohlelo lokuchitshiyelwa komthetho ngaphansi kweTransport Laws and Related Amendments Bill, ePhalamende, kusho uNobhala Jikelele womfelandawonye uZwelinzima Vavi.

"Ikomidi lanikwa umyalo wokulalela izimvo zomphakathi, esikhundleni salokho lixhamazelele ukulalelwa kwezimvo ngoba lijahe ukuphasisa ama-etolls," kusho uVavi.

Mhlaka-19 Novemba ikomidi lanquma ukuthi udaba oluthinta ama-etolls luvotelwe bese luphasiswa yiPhalamende ngokusemthethweni.

"Lokhu kusho ukuthi ikomidi lanquma kungakaphothulwa izimvo zomphakathi ukuthi nakanjani udaba luzophasiswa," kusaqhuba uVavi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...