ICosatu ayigobi phondo nge-etolling

2012-12-05 14:01

Johannesburg - ICosatu izobhikisha ngezimoto emigwaqeni emikhulu ngoLwesine njengoba ibhikishela ukungahambisani nohlelo lwe-etolling eGauteng, isho kanje ngoLwesithathu.

"Ngeke simashe ngezinyawo kulokhu; sizosebenzisa izimoto,” kusho uSihlalo womfelandawonye wezinyunyana eGauteng uPhutas Tseki ekhuluma nezintatheli eGoli.

"Sizobe siyishaya kancane.”

UTseki uthe kuzobe kungesona isiteleka kanti nabasebenzi bazobe besemisebenzini ngoLwesine.

Kulindeleke ukuba kube abaholi beCosatu, nama-shop stewards aqashwe ngokugcwele, kanye nabaholi bamadlelandawonye eCosatu okulindeleke ukuba babeyingxenye yalokhu.

"Sizobhikisha amahora okungenani ayisikhombisa,” kusho  uTseki.

Kuzoba nemibhikisho ezindaweni ezimbili – owodwa eKurhuleni nomunye eGoli.

Abashayeli bezimoto bazohlangana ngo-06:00 ekhoneni likaBlack Reef noMasakane Road eKurhuleni kanti eGoli bazohlangana kuJorissen Street.

Le mibhikisho emibili izoba kweminye yemigwaqo eemikhulu eGoli – u-N1, M2, M1, N3, N12, R24, kanye no-N21.

uTseki uthe kulindeleke izimoto ezingu-100 emgwaqeni ngamunye.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kusule isekela likashansela e-UniZulu

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...