I-YCL ikhala ngokunyuka kwamanani kwandabazabantu
2011-03-30 10:25
Johannesburg - Inhlangano yamaKhomanisi i-Young Communist League of SA izwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwamanani okwenza omazisi nama-passport.
"UMnyango wezaseKhaya izivikele ngalesi senzo esizohlukumeza amaphakethe abantu bakuleli.
"Njenge-YCL sicela lo Mnyango uphinde ubhekisise lesi sinqumo ezingaphathisa abaningi ngamakhanda kuleli," kusho le nhlangano esitatimendeni.
Okhulumela le nhlangano kuzwelonke, uGugu Ndima, uthe i-YCL ikhathazekile ngokuthi neminye iMinyango izonyusa amanani ayo.
Lo Mnyango umemezele ukuthi kusukela ngo-Ephreli 1, ukwenza i-passport kuzonyuka kusuka ku-R190 kuya ku-R400 kuthi ukwenza umazisi kona kunyuke kusuka ku-R20 kuya-R140.
- SAPA