I-SAHRC iphenya ngezithombe zabavukuzi abanqunu
2012-11-06 10:00
Johannesburg - I-SA Human Rights Commission iphenya ngezinsolo zokuthi kunezithombe ezizungezayo ezitshengisa abavukuzi ababengeyona ingxenye yesiteleka benqunu, ngokusho kombiko ngoLwesibili.
"Njengekhomishana sizolusukumela lolu daba," kusho lowo okhulumela iSAHRC u-Isaac Mangena ekhuluma kuSAfm.
"Siyalele ihhovisi lethu eLimpopo ukuba lusukumele lolu daba futhi sicele namaphoyisa ukuba aphenye ngalesi senzo sobugebengu."
Iphephandaba iNew Age ngoMsombuluko libike ukuthi abavukuzi abebesesitelekeni emayini i-Amandelbult bakhumulise labo abebesemsebenzini, bebajezisela ukuba ngamaxoki.
Izithombe kuleli phephandaba zitshengise amadoda amathathu ako-50 ubudala, nowesifazane oko-30, benqunu phambi kwesixuku sabavukuzi abebetelekile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA