I-SACP isihoxise isiphakamiso sayo

2012-11-30 14:02

Durban - I-SA Communist Party KwaZulu-Natal isisihoxisile isimemo sayo sokuthi akudutshwe ukudla kwenkampani iFish and Chips ngoba yenze isikhangisi esingoMengameli uJacob Zuma nomndeni wakhe bedla ukudla okudayiswa yile nkampani.

I-SACP ithi abaphathi beFish and Chips Company bacele ukuba nomhlangano neSACP ngoLwesihlanu kulandela lesi simemezelo esenziwe yibona sokuba kungathengwa ukudla kwale nkampani.

UNobhala wesifundazwe uThemba Mthembu utshele le nkampani ukuthi isikhangisi sayo siveza uZuma engumuntu ongafundile, nongazinakekeli onomndeni omningi owondliwa imali yentela.

"Abaphathi beFish and Chips Company basicubungulile lesi sikhangisi nokuthi singadala umonakala ongaqondiwe, baphinde bathi lokhu kudalwa nawukuthi i-ANC izoba nokhetho emasontweni ambalwa zayo." Kusho iSACP.

I-Taste Holdings, okuyiyo ephethe iFish and Chips Company, ikhethe ukusikhipha lesi sikhangisi ngoLwesithathu.

"UMthembu usamukele lesi senzo sokuhoxisa isikhangiso, wathi nezinye izinkampani zingafunda lukhulu kule nkampani ziyeke ukudelela uMengameli uZuma," kusho iSACP.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...