I-Outa izonquma ngolwama-etolls
2012-12-20 08:12
Johannesburg - I-Opposition to Urban Tolling Alliance (Outa) izonquma ngoLwesihlanu ukuthi iyafuna yini ukufaka isicelo sokuguqulwa kwesinqumo seNkantolo eNkaulu yasePitoli ngolwe-etolling emigwaqeni emikhulu yaseGauteng.
"Sisicubungulile isinqumo kanti kusasa sizohlangana nethimba lethu lezomthetho ngokuthi kumele sithathe muphi umgudu," kusho uSihlalo we-Outa uWayne Duvenhage ngoLwesine.
"Sikholelwa ekutheni zikhona izizathu eziqinile zokuthi siphikise lesi sinqumo.
NgoDisemba 13, inkantolo yakhipha isinqumo esivuna iSA National Roads Agency Limited ekutheni lolu hlelo luqhubeke.
Bathi isinqumo bazophuma naso ngoLwesihlanu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA