I-FNB ikhalaza ngeStandard Bank

2012-03-23 10:01

Johannesburg -  Ibhange iFirst National Bank selivule icala ngaphansi kwabaqondisi bezokukhangisa i-Advertising Standards Authority, bekhalaza ngesikhangisi sebhange iStandard Bank.

Isikhangisi sithi amakhasimende angonga imali efinyelela ku-50% ekhokhelwa yibhange.

"Ibhange iStandard Bank, limemezele ukuthi amakhasimende angonga imali efike ku-50%, kusuka ngenyanga ka-Ephreli. Bathembisa into engekho, lokhu akwamukelekile emigomweni yezokukhangisa," kusho uBernice Samuels, isikhulu sebhange iFNB.

"Akukho okuningi okuchazwa yisikhangisi. Lokhu kusenza sibe ngesedukisayo," kusho uSamuels.

Isikhulu esiphezulu ebhange iStandard Bank, uPeter Schlebusch, uthi bebelindele ukuthi izimbangi zabo zifake isikhalazo.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 10-26°C Rain late. Partly cloudy. Warm.
Jhb: 7-20°C Numerous showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 1-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...