I-FNB ayizange ixolise - Isikhulu
2013-02-07 10:02
Johannesburg - IFirst National Bank ayizange ixolise ngezikhangisi eziwuhide ezatshengiswa ku-internet emkhankasweni wayo, nezathola ukugxekwa kakhulu yi-ANC, kusho isikhulu sebhange ngoLwesine.
"Asizange sixolise ngesikhangisi," kusho uMichael Jordaan eloba engosini yeBusiness Day.
Amanye ama-video omkhankaso we"You Can Help"
abandakanya izingane zigqoke imifaniswano yesikole befunda abafisa ukukubona kwenzeka kuleli lizwe.
UJordaan uthe la ma-video kwakungahlosiwe ukuthi abe yingxenye yesikhangisi.
"Sasingaqondile ukuthi sigxambukele kwezombusazwe kanti futhi asinaso nesizathu sokuhlasela uhulumeni noma i-ANC," ebhala.
I-African
National Congress yazwakalisa ukushaqeka ngalo mkhankaso, kanti i-ANC Youth
League yathi lokhu kunezimpawu zokuvukela uMbuso.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA