I-BDFM izodiliza abasebenzi
2012-11-27 12:01
Johannesburg - I-BDFM, neshicilela iFinancial Mail neBusiness Day, isixwayise abasebenzi ngokuthi ihlela ukudiliza abanye, ngokombiko weBusiness Report ngoLwesibili.
Le nkampani ngoMsombuluko iveze ukuthi yize izamile ukwehlisa imali eyisebenzisela izidingo, kodwa "kusenzima kakhulu ngasezimalini njengoba kumele yehlise izindleko kulandela ukwehla kwemali engenayo.
I-BDFM ithi izithole isenkingeni "lapho imigomo yokuhweba iqhubeka nokuqina."
Abasebenzi banikezwe ithuba lokuzivolontiyela ukusula emsebenzini, kuthi labo abaseminyakeni engaphezu kuka-55 ubudala bathathe umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi.
Umnqamulajuqu walezi zicelo ungoDisemba 7.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA