I-Amplats isalinde abasebenzi

2012-11-02 14:45

Johannesburg - Babalelwa ku-12 000 abasebenzi be-Anglo American Platinum (Amplats) abaxoshwa nabasishaya indiva isiphakamiso senkampani sokuthi babuyele emsebenzini, kusho iNational Union of Mineworkers ngoLwesihlanu.

"Abanye abasebenzi abakwazi ukubuyela emsebenzini ngoba besaba ukusatshiswa eRustenburg," kusho okhulumela iNUM uLesiba Seshoka.

Le nkampani ekhiqiza i-platinum bebenethemba lokuthi isiphakamiso ebasibeka etafuleni sizoheha abasebenzi ukuba babuyele emathunjini omhlaba, kulandela ukuthi bazibandakanya esitelekeni esingekho emthethweni.

Kunalokho, abasebenzi bachithe uLwesibili, nobekungusuku olungumnqamulajuqu wokuthi babuyiselwe emsebenzini, belwa nonogada bemayini nephoyisa.

I-Amplats ngoLwesine ithe lesi siphakamiso sisamile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...