I-Afrika izodinga-900 wezindiza ezintsha
2012-11-19 16:30
Johannesburg - Izwekazi lase-Africa lizodinga izindiza ezintsha ezilinganiselwa ku-900, ngonyaka ka-2031, kusho iphini likamengameli wakwaBoeing Commercial Airplanes uVan Rex Gallard.
UGallard uthe kunokukhula kwebhizinisi emazweni ase-Afrika.
"Enhla nezwekazi kube khona izinkinga ezikhona kodwa isimo siyazama ukusimama, sizoqhubeka sisimame emazweni ahlanganisa i-Algeria, Egypt neMorocco," kusho uGallard, ekhuluma eseGoli.
"Kunezingqalasizinda ezizinzile kula mazwe futhi ubuchwepheshe bakhona buwenza akwazi ukuncintisana namazwe ase-Europe."
UGallard uthe kunokukhula kwebhizinisi emazweni asempumalanga ne-Afrika, ikakhulukazzi ko-Ethiopia, Kenya naseRwanda.
"Izwe lase-Ethiopia yilona lizwe lesibili emhlabeni elisebenzisa kakhulu izindiza ezingamaBoeing, lilandela iJapan"
Umnotho wamazwe ase-Afrika kuthiwa ukhule ngamaphesenti amahlanu, uGallard uthe zingu-850 izindiza ezingamaBoeing 787 Dreamliners esezidayisiwe kusukela zasungulwa, ezingu-50 kuzo zathengiswa emazweni ase-Afrika.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).