I-Absa izokwelula isikhathi sokusebenza

2012-12-14 12:06

Johannesburg - Amagatsha ebhange i-Absa asezinxanxatheleni zezitolo azokwengeza amahora okusebenza njengoba kuyisikhathi samaholidi, kusho leli bhange ngoLwesihlanu.

Okhulumela i-Absa u-Arrie Rautenbach uthe amakhasimende azokwazi ukusebenzisa amabhange ngezimpelasonto kuze kube ngumhlaka-6 Januwari 2013.

Amagatsha asezinxanxatheleni zezitolo azovulwa kusukela ngo-08:00 kuya ku-14:00 ngeMigqibelo, avulwe ngo-09:00 kuya ku-12:00 ngamaSonto.

"I-Absa izimisele ekwenzeni lula impilo yamakhasimende ethu, lokhu kungezinye zezidingo zamakhasimende ethu," esho esitatimendeni.

Leli bhange linqume ukungabizi mali uma amakhasimende ethumelelana imali esebenzisa leli bhange, kanjalo nezimali eziphuma kuma-akhawunti kusukela ngo-1 Januwari 2013.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-28°C Sunny. Warm. PE: 11-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...