I-ANC ithi makudutshwe iwayini
2012-11-14 10:04
Johannesburg - I-ANC e-Eastern Cape ngoLwesibili imemele ukuba kudutshwe amawayini aseNingizimu Afrika njengoba abasebenzi basemapulazini befuna ukuthola amaholo angcono nokusebenza ngaphansi kwezimo ezigculisayo.
Okhuluela i-ANC, uMlibo Qoboshiyane, uthe abantu bazobe bekhombisa ukweseka ukuhlukunyezwa kwabasebenzi uma beqhubeka nokuthenga iwayini elikhiqizwa kuleli lizwe.
Abasebenzi basemapulazini eDe Doorns bangenele isiteleka ngeledlule befuna u-R150 ngelanga kanye nokusebenza ngaphansi kwezimo ezingcono.
UQoboshiyane uthe abalimi bangakwazi ukukhokhela abasebenzi le mali abayifunayo.
"Imboni yewayini eNingizimu Afrika yenza imali enhle kabi kuleli nakwamanye amazwe; ngakho-ke, imali efunwa ngabasebenzi ingatholakala."
Uthe uNdunankulu waseWestern Cape, uHelen Zille, uyehluleka ukweseka abasebenzi ngoba iqembu lakhe iDA lixhaswa abanikazi bamapulazi ngezimali.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA