I-ANC ifuna kuqalwe isibonelelo sentsha

2013-02-01 12:01

Cape Town - I-African National Congress ihlela ukuhlangana nomfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, ngenhloso yokuthi kuqalwe uhlelo lokubhekelela abantu abasha abangasebenzi.

Lokhu kusembikweni okhishwe yiphephandaba iBusiness Day.

Inhloko yekomidi lemigomo ku-ANC uJeff Hadebe, ukhulume wathi: "Sinamathemba okuthi kuzothi kuthulwa inkulumo ebhekiswe esizweni, kube sekukhona izinhlelo eziya phambili phakathi kweCosatu ne-ANC, mayena nalolu daba."

URadebe uthi udaba lokubhekelelwa kwabantu abasha, yindaba endala nekukade kwakudingidwa ngayo.

"Siyi-ANC sifuna ukusheshisa lolu hlelo, sesilindele ukuthi lusebenze," kusho uRadebe.

UMgcinimabhuku ubeke eceleni isamba esingu-R5 billion, kuze kuzoqalwa imisebenzi okungenani engu-423 000, nokho iCosatu iyakuphazamisa ukuqalwa kwalolu hlelo, olwahlongozwa okungenani eminyakeni emibili eyedlule.

ICosatu ithi uhlelo luzoholela ekutheni kuxhashazwe abasebenzi kuphinde kuxoshwe abantu abadala ezinkampanini.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...