I-ANC ibongele usihlalo omusha wezokuvakasha

2014-08-27 07:15

Johannesburg – Inhlangano ebusayo kuleli i-ANC ePhalamende isikushayele ihlombe ukuqokwa kukaZwelibanzi Mntambo ukuba abe nguSihlalo we-SA Tourism.

Ngokubika kwe-Fin 24 le nhlangano ibongele lesi sikhulu ngoLwesibili lapho idalule khona ukuthi inethemba lokuthi uzokwazi ukuthatha lo mkhakha okhula ngesivinini kuleli awubeke kwelinye izinga.

I-ANC iphinde yafisela nalowo obephethe lesi sikhundla uFrank Kilbourn okuhle kodwa nenqubekelaphambili.

UMntambo kuthiwa unesipiliyoni esiningi esanele kulo mkhakha wezokuvakasha futhi uyakwazi nokuba wumholi oqotho.

“Sithemba ukuthi uzoqinisekisa ukuthi ezokuvakasha eNingizimu Afrika ziyafinyelela kwimigomo ebekiwe.

"Siyamdinga umholi oqhamuka namasu amasha ukuze kube nemiphumela emihle,” kusho isitatimende esithunyelwe yileli qembu.

“Siyamubongela uMnu Zwelibanzi Mntambo futhi siyamethemba ukuthi uzowuthatha lo mkhakha awukhuphule awenze ube ngcono,” kuqhuba isitatimende.

Ezokuvakasha kuleli zidlala indima enkulu ekukhuphuleni umnotho wezwe.


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

   - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Finance24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...