Ezolimo zingase zidale imisebenzi - Patel
2012-12-18 14:31
Johannesburg - Umkhakha wezolimo ungadala amathuba amaningi emisebenzi eNingizimu Afrika, kusho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho u-Ebrahim Patel ngoLwesibili.
"Uma ufuna izibalo zemisebenzi, ezolimo yiwona mkhakha. Yingakho ezolimo zihamba phambili kwi-National Growth Path," usho kanje esidlweni sasekuseni ebesenganyelwe yi-ANC's Progressive Business Forum eMangaung.
Uthe omunye umkhakha ohamba phambili yimboni yezimoto okuyiwona owakha amathuba emisebenzi noheha abatshalizimali bangaphandle.
Inkampani iBMW izokhiqiza uhlobo lwemoto i-3 Series khona lapha eNingizimu Afrika, njengoba noMercedes-Benz sewenze iNingizimu Afrika indawo lapho okhiqizela khona izimoto zayo zohlobo lwe-C Class.
Kodwa, uPatel uqhube wathi kusanegebe phakathi kwemigomo kahulumeni nokuyifezekisa.
Lena yinselelo enkulukazi emizameni kahulumeni yokwakha amathuba emisebenzi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA