Ezinye izidubedube e-Amplats

2012-10-30 14:54

Johannesburg - Amaphoyisa, onogada bemayini nabavukuzi abatelekile batholane phezulu okwesibili e-Anglo Platinum (Amplats) eRustenburg, kusho inhlangano emele abavukuzi.

"Abavukuzi bebemasha bebheke emayini iBathopele. Bazithele emaphoyiseni nakonogada, nabadubule ngezinhlamvu zangempela. Kudubuleke inqwaba," kusho okhulumela iDemocratic Socialist Movement uMametlwe Sebei.

Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uWarrant Officer Sam Tselanyane uthe lesi sigejana sabantu sizame ukuduna iloli ebidilive impahla kule mayini kanti onogada bebenqanda lesi sigameko.

Abasebenzi abangaphansi komgomo we-no-work, no-pay bangakwazi ukuboleka imali engu-R2 500 umuntu ngamunye kule nkampani, nezoncozulwa emiholweni yabo isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha kusukela ngoJanuwari 2013.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...