Eyama-etoll izokhubaza umnotho wakuleli - JPSA

2014-09-01 12:36

Johannesburg - Uhlelo lokukhokhelwa kwemigwaqo emikhulu (e-tolls) eGauteng luzokhubaza umnotho weNingizimu Afrika, kusho iJustice Project SA ngoMsombuluko.

"Lokhu kuzokhubaza umnotho wakuleli,” kusho uSihlalo we-JPSA uHoward Dembovsky etshela abebehambele isithangami sezimvo zomphakathi ngalolu daba eMidrand.

"Akusekude ukuthi sibone abantu bezikhunge kuwona lama-toll gates ngenxa yokuhluleka ukubhekana nesimo.”

Uthe abantu abajeziselwa ukungayikhokheli le migwaqo bazoba namacala (criminal records), nokuzophazamisa izimpilo zabo.

Lokhu kuchaza ukuthi abantu bangase balahlekelwe yimisebenzi yabo, bagqunywe emajele noma bangene ezikwletini bezama ukukhokhela ama-etoll.

UDembovsky uqhube ngokuthi simi ku-R1.1 billion isikweletu sabantu abangu-2.5 million abangawakhokheli ama-etoll.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...