Enyukile amanani ezindlu
2013-02-18 12:02
Johannesburg - Amanani ezindlu anyuke ngaphezulu kuka-5% ngonyaka odlule, kusho inkampane edayisa ngezindlu i-Ooba ngoMsombuluko.
"Abadayisi bezindlu bathola ithemba kanti futhi silindele ukuba amanani ezindlu aqhubeke nokwenza kahle nakulo nyaka,” kusho inkampani esitatimendeni.
Amanani ezindlu ezijwayelekile afinyelele ku-R894 510 ngoJanuwari 2013, okungu-5.2 % esuka ku-R850 589 wangoJanuwari 2012.
Lokhu kudalwe abantu abathenga izindlu okokuqala.
"Abathengi bezindlu okokuqala bayanda, lokhu kudala isimo esihle kubadayisi, njengoba enkampanini yakwa-Ooba kungu-51% wabantu ababhalisele ukuthenga izindlu okokuqala ngoJanuwari."
Lesi simo silekelelwa yintengo ephansi yemali mboleko ehambisana nokwenyuka kwamanani ezindlu kanye nokwenziwa ngcono kwemigolo yokubolekisa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).