Elakuleli lizosebenzisana neNamibia

2012-11-06 16:36

Cape Town - INingizimu Afrika isayine isivumelwano sokusebenzisana seminyaka emithathu nezwe iNamibia, lokhu kuza ngemuva kwezingxoxo ezibanjwe yizikhulu zawo womabili amazwe.

UMengameli uJacob Zuma ubambisane nozakwabo waseNamibia uHifikepunye Pohamba, ngenhloso yokuzama ukuqinisa ukusebenzisana kwamazwe.

"Sibhekisise kakhulu izinto ezithinta ezokuhwebelana, ezemfundo, ezokuvakasha kanjalo nezokuphepha," kusho uZuma etshela abezindaba.

Isivumelwno sithi amazwe azohlangana minyaka yonke, ukuqinisekisa ukuthi yonke into ekuvunyelwenwe ngayo iyenziwa, kulindeleke ukuthi kube nezethulo ezizokwenziwa njalo uma amazwe ehlangana.

Kulindeleke ukuthi kuphinde kuqiniswe izingqalasizinda kanjalo nezinhlelo ezithinta ezobunjiniyela, isivumelwano sithi abakwaSA Weather Service, sebevele bahlinzeke iNamibia ngezinye zezinsiza kulo mkhakha.

UPohamba uncome izingxoxo azibambe noZuma, wathi zibe nemiphumela emihle.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...