Bazonyuselwa amaholo abasizi basezindlini

2012-11-19 14:01

Johannesburg - Kuzonyuswa imali encane engaholwa ngumsebenzi wasendlini kusukela ngoDisemba, kodwa hhayi ngemali engakanani, kusho uMnyango wezabaSebenzi.

Lokhu kunyuka kwemali kuzohluka phakathi kwamadolobha amakhulu namancane, kusho okhulumela uMnyango uPage Boikanyano.

Emadolobheni amakhulu, abasizi basezindlini abasebenza amahora angaphansi kuka-27 ngesonto bazonyuselwa iholo lisuka ku-R9.85 ngehora iya ku-R10.48; nokusho ukuthi sebezohola u-R1 237.30 ngenyanga isuka ku-R1 152.32.

Kuzothi labo abasebenza amahora angaphezu kuka-27 ngesonto banyuselwe amaholo esuka ku-R8.34 ngehora aye ku-R8.95; nokusuka ku-R375.19 ngesonto uya ku-R402.96.

Emadolobheni amancane, labo abasebenza amahora angaphansi kwangu-27 bazogoduka nemali engu-R1 491.86 ngenyanga.

Lo mthetho uzoqala ukusebenza ngoDisemba 1.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...