Bazokhetha abakuthandayo abathengi - Motlanthe
2012-11-26 14:02
Johnneseburg - Abathengi baseNingizimu Afrika bazothatha abakuthandayo bayeke abangakuthandi uma sebethenga kodwa kumele bayalwe ukuthi baqinise kakhulu ekuthengeni impahla ekhiqizwe kuleli, kusho uSekela Mengameli uKgalema
Motlanthe.
"Abathengi bethu bazokhetha abakuthandayo, lokhu kusenza siziqhenye ukuthi siyizwe elisezingeni lokuncintisana," kusho uMotlanthe, ekhuluma emhlanganweni iProudly
South African Buy Local Summit, obanjelwe eKurhuleni.
UMotlanthe uthe kumele abakhiqizi baqinisekise ukuthi imikhiqizo yabo inesasasa kubathengi.
"Siphila emhlabeni onokuncintisana okuphezulu akusasebenzi ukuthi impahla ikhiqizwe kuliphi izwe."
USekela Mengameli uncome abakwaPoudly South African ngegalelo labo ekuzameni ukuqinisekisa ukuthi impahla yakuleli iyathengwa, wase exwayisa ethi imizamo kahulumeni yokunqinda imikhiqizo ingase iholele empini yezohwebo.
UNgqongqoshe wezoHwebo uRob Davies uthe ngenxa yokukhula kwezohwebo, zimbalwa izinto ezivunyelwe ukuthi zikhiqizwe ezweni.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA