Bazojeza abazodlalela kuma-toll gate - Uhulumeni

2012-11-29 08:13

Johannesburg- Noma ngabe ngubani ozocekela phansi impahla uma sekuqhubeka imashi emelene nokusebenza kwama-etolls uzowukhomba umuzi onotshwala, kusho uhulumeni ngoLwesine.

"Uhulumeni ucela ukuthi ababhikishi babonakalise ilungelo labo lokumasha bakhumbule nokuhambisana nomthetho," kusho okhulumela uhulumeni uThabo Masebe.

Lesi sexwayiso silandela imibiko yokuthi uNobhala weCosatu esifundazweni iGauteng uDumisani Dakile ethe bazocekela phansi ama-toll gate uma uhulumeni ehluleka ukubalalela ekutheni baluyeke lolu hlelo.

"Ngicabanga ukuthi uhulumeni uma usishaya indiva, abantu bazophoqeleka ukuthi bawacekele phansi lama-toll gate," esho ngoLwesithathu.

Ekhuluma nabe-EyeWitness News ngoLwesine, uDakile, uthe abantu abamuzwanga kahle, uthi yena uthe izikhulu zikahulumeni ezacekela phansi imizi yabantu eLenasia kumele zenze okufanayo ngama-toll gate.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...